INkantolo yeMantshi yaseNelspruit ilihlehlisa icala lokubulala iphoyisa lomgwaqo

Crime FEATURED

Umsolwa, u-Abednigo Mbuyane, 38, ophethe umthetho kamasipala waseMbombela, uvele eNkantolo yeMantshi yaseNelspruit ngoMsombuluko mhlaka-17 Umabasa icala lahlehliselwa uLwesihlanu Ephreli 22 ukuze afake isicelo sebheyili ngokusemthethweni.

 

UMbuyane uzinikele esiteshini samaphoyisa eNelspruit ngeSonto ngo-Ephreli 16 emuva kokufunwa ngecala lokubulala uMnuz Thomsanga Nkosi (34) ngoMgqibelo mhlaka-15 kuMbasa Kwanyoni Lodge.

 

Okhulumela oKlebe esifundazweni, uCaptain Dineo Sekgotodi, uthe ngoMgqibelo wangomhla zili-15 kuMbasa uMbuyane nomngani wakhe wesifazane bebebhukhile endaweni yokulala.

ALSO READ: A traffic officer was killed after being found with another man’s wife in Mbombela

“Ngesikhathi besendlini yokugezela, umyeni wowesifazane uqhamuke wakhahlela isicabha.

 

“Kusolakala ukuthi iphoyisa lomgwaqo liphume e-chalet, umyeni wamlandela wadubula, umufi wadutshulwa amanxeba amabili, washonela khona lapho. Umsolwa wabaleka endaweni yesigameko, kodwa wazinikela esiteshini samaphoyisa eNelspruit. ” kusho uSekgotodi.

 

Kuthathwe isibhamu sakhe esisemthethweni kanti uphenyo lusaqhubeka.